KUBONWA NGOKUSA KU DJ WODUMO


SIZO BLOSE 

Ungene esibhedlela kukubi uDJ ojabulisa abantu asebekhulile ngomculo weR&B.

Ngokwemibiko eputshuke khona esibhedlela, kuvela ukuthi uDJ Muntu odume ngelika Masterblaster simbi isimo sakhe. Ulele kwesinye sezibhedlela eThekwini.

Ukugula kukaMuntu sekuholele ekutheni ayichithe eminye imicimbi okumele anandise kuyona.

Omunye umcimbi okumele anandise kuwona ozokwenzeka endaweni ebizwa nge Union edume ngokuthi kuse Yadini, uMuntu ngeke abe khona.

Ethintwa yiNews Avenue uDJ Muntu, uvumile ukuthi impilo ayiyinhle njengamanje usesibhedlela ngenxa yokubambeka. "Ngingene lana kuvuvukele izinyawo ngesonto eledlule futhi ngathi ngisazohlala.  Odokotela bamatasa bayabheka ukuthi engabe yini inkinga," kuchaza uDJ Muntu eqinisekisa nabalandeli bakhe ukuthi noma ikanjani uzobuya azobajabulisa.

USboniso Chiliza ohlela umcimbi wase Union uthe, impilo iyona ebalulekile. "Uma uMuntu ephumelela ukuba semcimbini, lokho kuzosijabulisa kakhulu, uma kungenzeki, akukho esingakwenza. Thina simfisela ukwelulama okusheshayo," kuphetha uSboniso.