KUBI KUMCHUNU EPHALAMENDE
LINDOKUHLE NGCOBO
KUYASHUBA kwiKomiti lasePhalamende i-Ad Hoc Committee, eliphenya ngenkohlakalo esemaphoyiseni.
Kulandela ukuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke osamisiwe, uMnuz Senzo Mchunu evume ukuthi uyamazi uMnuz Brown Mogotsi.
UMchunu uthe waqala ukwazi uMogotsi ngonyaka ka-2017. Wathi umazi njengeqabane.
"Angikaze ngimbuze ukuthi ushadelwe noma cha. Angikaze ngiye emzini wakhe. Angikaze ngiye ukuyobuka ibhola naye noma ukuyodla naye endaweni zokudla. Angikaze ngakhuluma naye ngempilo yakhe yangasese ngoba sikhuluma ngaleso sikhathi esincane uma sihlangana," kuchaza uMchunu phambi kwekomiti.
Igama likaMogotsi liqale ukuba ngundaba mlonyeni ngomhlaka 6 July kulo nyaka, ngemuva kokuthi uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, echaze uMogotsi njengesigebengu esiyingozi. UMkhwanazi waphinde waveza ukuthi uMchunu ungubhululu kaMogotsi.
Njengamanje uMchunu usaqhubeka nokuphendula imibuzo ePhalamende, eKapa.