KUBHIMBE UHLELO KUMSOLWA OBANJWE NGAMAPHOYISA EHLATHINI



UKHALELWE ngamasongo kasigonyela owesilisa, osolwa ngokutholakala nempahla yokwembiwa nokubanjwa nesibhamu esingekho emthethweni. Lo msolwa oneminyaka engu-35 ubudala uboshwe ngamaphoyisa namuhla eVerulam. 

Abakwasidlodlo bebelandela umkhondo ngemoto entshontshiwe, ebonakale namuhla isuka eMlaza ihamba emgwaqeni uN2, ibheke enyakatho neTheku. Nokuyilapho abasolwa bebehujwa ngonogada.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLieutenant Colonel Paul Magwaza uthi enye inkampani yonogada izame ukumisa abasolwa ngesikhathi imoto ifika eVerulam kepha omunye wabasolwa waphuma nesibhamu wadubula unogada onyaweni.

"Baqhubekile abasolwa babaleka ngemoto eyembiwe, bathe befika eClerence Park amaphoyisa ePTT naweDurban K9 abamisa khona. Amaphoyisa athe ehlole imoto eshiywe abasolwa, athola inhlokohlela yesibhamu nezinhlamvu ezingaphezulu kuka-100. Amaphoyisa aka-K9 angenile ehlathini, lapho ekwazi ukubopha umlisa oyedwa otholakale nesibhamu i-AK47 nezinhlamvu ezingu-60," kuchaza uMagwaza.

Kulindeleke ukuthi umsolwa oboshiwe, avele enkantolo yeMantshi yaseVerulam  kusasa ngoLwesithathu mhlaka 3 December 2025.  Abakwasidlodlo basathungatha umsolwa wesibili.