KUBHIMBE UHLELO KUBANJWA ABAHLANU KWELOKUTHUMBA
LINDOKUHLE NGCOBO
KUDUTSHULWE kwafa ababili, kwaboshwa abathathu ngesikhathi amaphoyisa egasela emzini oseRandfontein, eGauteng izolo ntambama, lapho bekuthunjwe khona usomabhizinisi.
Kulandela ukuthi uphiko lwe-AKTT lithole umkhondo ngabasolwa ebebethumbe owesilisa oneminyaka engu-60 ubudala. Kuvela ukuthi abasolwa bebefuna imali engu-15 million emndenini walo somabhizinisi owathunjwa ephuma endaweni asebenzela kuyo mhlaka 29 May 2025, eLenasia.
Amaphoyisa aqinisekise ukuthi usomabhizinisi uhlanganiswa nomndeni wakhe.