KUBHIMBA UHLELO NGENKUNDLA YEBAY
LINDOKUHLE NGCOBO
BASAZOQHUBEKA nokulinda abalandeli beRichards Bay FC, abanesifiso sokubona leli qembu ligijima ekhaya lalo, eMhlathuze Sport Complex, eRichards Bay.
Kulandela ukuthi iNatal Rich Boyz imemezele ukuthi izowudlalela ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu umdlalo wayo(Richards Bay fc) weBetway Premiership wasekhaya neChippa United ozoba kusasa kusihlwa.
Kuzokhumbuleka ukuthi ekuqaleni kwale nyanga iNews Avenue yabika ukuthi iBay iphoqeleke ukuthutha umdlalo wayo wasekhaya wokuvula neMarumo Gallants yawuyisa eKing Zwelithini Stadium. Leli qembu likaSifiso "Jomo" Biyela ladalula ukuthi inkundla yayo yasekhaya iphazamisekile ngesikhathi kuqhubeka imidlalo yeKZN Premier's Cup edlalwe ngenyanga edlule.
I-Natal Rich Boyz esilahla wonke amaphuzu selokhu kuqale isizini ka-2025/2026 yathembisa abalandeli bayo ukuthi noma kanjani umdlalo wayo(Richards Bay fc) wasekhaya neChilli Boys uzoba seMhlathuze Sport Complex.
"UMasipala waseMhlathuze usuqalile ukulungisa umonakalo, uzokwenza isiqiniseko sokuthi kufika usuku lomdlalo wasekhaya wesibili kuwo esizobhekana neChippa United ngomhlaka 26 August 2025 , inkundla isilungulile," ngokusho kwesitatimendi seBay esiphume ekuqaleni kwale nyanga.