KUBE YINTOKOZO YODWA ABAFUNDI BETHOLA IMIYEZANE
LINDOKUHLE NGCOBO
INJABULO kubafundi baseHamburger University beklonyeliswa ngemiyezane, namuhla eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini.
Laba bafundi abangaphezulu kuka-100 baphothule uhlelo lokufunda ngaphansi kohlelo iCATHSSETA neMcDonald's South Africa.
Bangaphezulu kuka-676 abantu abasha abaphothule uqeqesho lwabo kulo nyaka eHamburg kodwa namuhla bekuwusuku lwabadundi baKwaZulu-Natal.
Ekhuluma neNews Avenue uNksz Wandisa Natasha Sikobi ongomunye wabatheswe iziqu, uthe kuyamjabulisa ukuthi useze waphothula izifundo zakhe wathola nomsebenzi kaMcDonald's.
"Bekungekho lula kusukela ekuqaleni ngisafaka isicelo, nganginalo ithemba lokuthi bazongithatha. Ngiyabonga ukuthi namuhla sekuze kwafika emaphethelweni. Ngibona sengathi maningi amanye amathuba asazovela empilweni. Ngicela nabanye abantu abasha bangalilahli ithemba, baqhubeke nokufaka izicelo, azovela amanye amathuba," kubeka uSikobi.
Oyisikhulu esiphezulu kaMcDonald's uDkt Mamello Masia uthi lolu hlelo luthele izithelo ezinhle. Wathi livala igebe labantu abasha abangasebenzi.
"Siqeqeshe abafundi abangu-1400, kwathi abangu-476 baqashwa kaMcDonald's South Africa. Abangu-658 bakhethe ukuphuma ngaphansi kohlelo ngoba sebethole amanye amathuba. Okujabulisayo ukuthi abafundi abangaphezulu kuka-75%, abangasekho ngaphansi kohlelo baqashwe ngokugcwele emisebenzini abayikhetha. Kubo kukhona abangu-1.5% abazisebenzayo," kubeka uDkt Masia.