KUBATSHAZWE UKUHAMBA KAHLE KWE G20


Umengameli Cyril Ramaphosa usenconywe kakhulu, ngokuthi iNingizimu Afrika isingathe iG20 Summit ebe yimpumelelo enkulu.

Lomhlangano wezinsuku ezimbili bewubanjelwe eGoli, eNasrec. Amazwe omhlaba abebuthene kulelizwekazi okokuqala eze kwi G20 njengoba beyiqala ngqa ukuza e-Afrika.

Ngaphandle nje kwamazwe omhlaba ancome iNingizimu Afrika ngokusingatha lengqungquthela ngempumelelo ngisho namaqembu aphikisayo kuleli amncomile uRamaphosa.

Umholi we-EFF, uJulius Malema uthe, ebhekise kuRamaphosa, cha iBuffalo libukhombisile ubuholi la. "Phela ngeke silokhu sigxeka noma kungenasidingo, usebenzile uRamaphosa nethimba," kubeka uMalema ku X.

Namanye aqhubekile encoma uRamaphosa.
Umhlangano weG20 olandelayo uzobanjelwa eMelika ekade ingabonwa nangokhalo kulomhlangano obewuvanjelwe eNingizimu Afrika.