KUBANJWE UGWAYI ONGEKHO EMTHETHWENI
AMASOSHA aseLimpopo abambe izimoto ezintathu zithwele ugwayi ongekho emthethweni, namuhla eLimpopo.
Kulesi sigameko kuboshwe umsolwa oyedwa, omunye umsolwa wadla phansi. Kuvela ukuthi amasosha abelandela umkhondo wezimoto ezimbili, okukhona kuzo iFord Ranger neToyota Hilux D4Db zithwele ugwayi ongabiza inani elingaphezulu kuka R 2 million.
Amasosha aphinde athola ulwazi ngenye imoto ethwele ugwayi, abe esedlulela endaweni yaseBeitbridge Point. Lapho afike athola imoto yohlobo lweToyota Fortuner, ilayishe ugwayi ongabiza inali ezingaphezulu kuka R400 000.
Amasosha abize amaphoyisa endaweni yesigameko. Abakwasidlodlo bethungatha abanye abasolwa.