KUBANJWE ABOKUFIKA ABANGU-10 BEZAMA UKUXHOPHA UMNYANGO KUBANJWE


 LINDOKUHLE NGCOBO 

KUBHIMBE uhlelo kwabokufika kuleli abangu-10,  abayizisulu zezikhukhula ebebezama ukuthola izindawo zokuhlala zesikhashana eMnyangweni wezokuHlaliswa KwaBantu KwaZulu-Natal(KZN). 

UNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa KwaBantu eKZN uMnuz Siboniso Duma  udalule ukuthi  ngesikhathi kuqhubeka uhlelo lokuhlaliswa kwabakhahlanyezwe izikhukhula zakamuva,  kukhona abaveza ukuthi balahlekelwa omazisi.

"Ngesikhathi sibanikeza usizo lokuthola omazisi babo ngobambisana noMnyango wezaseKhaya, bavele banqaba abanye banyamalala," kuchaza uDuma. 

"Njengamanje siqinise isandla ngabantu okumele bathole izindawo zokuhlala zesikhashana. Asifuni ukukhokha imali eshisiwe kanti sikhokhela abantu abangafanele ukusizwa uhulumeni," kusho uDuma. 

Lokhu kwenzeka nje  i-Operation Dudula  neMarch and March bafaka ingcindezi kuhulumeni wakuleli, wokuthi abantu abakuleli ngokungekho emthethweni babuyiselwe emazweni abo.