KONOKUSWELEKA KWAMANZI EKING CETSHWAYO


KUGQAME inkinga yokushoda kwamanzi ezindaweni ezingaphakathi kaMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo. 

Lokhu kuvele ngesikhathi kwethulwa uhlelo lwentuthuko edidiyelwe (IDP Roadshow) namuhla eDonda Sportfield, endaweni yaseNtambanana ngaphansi kaMasipala uMfolozi oholwa uMeya ukhansela Xolani Bhengu.

Ekhuluma kulo mcimbi uMeya kaMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo uKhansela Sikhumbuzo Dlamini ukhale ngokuthi ayikho indawo abathola kuyo amanzi amaningi. 

"Sincike kakhulu kwizigwedlo nasemadamini athile esicosha kuwo amanzi. Ngonyaka ozayo sihlele ukwenza uhlelo lokudonsa amanzi emfuleni iNsezi, eNseleni. Okwamanje amanzi amaningi afika ngezimoto zamanzi. Izimoto zamanzi ziyafa nemigwaqo mimbi," kuchaza uDlamini.