KONKE KUMI NGOMUMO NGE UGU JAZZ FESTIVAL
SIZWE BLOSE
Konke sekumi ngomumo ngendumezulu yomcimbi, Ugu Jazz Festival. Lomcimbi uhlukene izigaba ezintathu. USiya Msomi ongumsunguli walomcimbi ngesikhathi ecacisa ngokuhleleka kwawo eRossburgh uthe, amabombo abheke eSouth Coast kanti namalungiselelo alemicimbi asephelile.
"Empeleni sesilinde umhlaka 25 June lapho okuzoba khona iGala Dinner ezokube ihambisana nosomahlaya. Kubona kungabalwa uMondli Mzizi, Simphiwe Shembe, Churchboy noZiwadi Yamunga ongumculi. Lomcimbi uzoqala ngehora lesithupha uphele ngo 11 ebusuku," kubeka uSiya.
Uphinde waveza ukuthi ngomhlaka 26 kuzokuba ne OFF RAMP WORSHIP EXPERIENCE ezoqala ngo 5 ntambama iphele ngo 1 ekuseni. USiya uthe kuyona babophele abaculi bomculo wokholo, abafana noJumbo, Shongwe and Khuphula, Nontokozo Mkhize, Mpumi Mtsweli, Hlengiwe Mhlaba nabanye abaningi.
Uphethe ngokuthi amathikithi atholakala ngo R250 akawonke wonke kuthi elezicukuthwane libe ngu R600.
Uthe ngomhlaka 27 kuzoba neJazz Festival lapho okuzobe kuboshelwe khona uDon Laka, Siphokazi, Mawelele, Naledi Aphiwe, Mqobi Yazo, Ernest Smith Bongani Nkwanyana, Mahoo nabanye abaningi. USiya uthe lomcimbi uzoqala ngo 2 ntambama uphele ngo 3 ekuseni ngosuku olulandelayo.