IZOQALA KUNGEKUDALA IGO DURBAN-CYRIL XABA
IMeya yeTheku uCyril Xaba, uveze ukuthi emasontweni amabili alandelayo kuzombulwa izichuse zabaholi ababili ababamba elikhulu iqhaza emzabalazweni.
IMeya iveze lokhu emcimbini lapho beyihlangene nabahleli kanjalo nezintatheli, e-Octavia Hotel, eNanda, namhlanje.
Imeya ithe kuzombhulwa nesichuse sikaDr Nelson Mandela owaba umengameli wokuqala kwintando yeningi, nesika Oliver Reginald Tambo owaba ngumengameli we-ANC isikhathi eside.
UXaba uphinde waveza ukuthi bekuqala ukuthi kube nesikhathi esimnandi kangaka ngamaholidi kaDecember.
Uthe amaphoyisa enze umsebenzi omkhulu kakhulu ukubopha labo abebeshayela bedakiwe, aphinde agudluzu nezimoto ezingakulungele ukuba semgwaqeni.
Uthe izindawo zokudla nezokulala bezigcwele ngalamaholidi.
Iveze ukuthi ngeke sisaba khona isidingo sokuhlala eGoli. "Uzohlala eThekwini uye emsebenzini eGoli ngezimpelasonto uzokuba seThekwini," kusho uXaba.
Uthe kuzoba lula ngenxa yesitimela esizosuka eThekwini siye eGoli sihambe amahora amabili nje kuphela.
Umeya uthe kusazoba mnandi kakhulu eThekwini. Uthe kuseza amaMetro FM Awards, kuza u-Anthony Hamilton, Brian Adams nabanye abaningi.
Uphethe ngokuthi umnotho ungenile kakhulu eThekwini.
Imeya ibuzwa ngokuthi iqala nini iGo Durban. Ithe kungekudala uma sebelungise konke nemboni yamatekisi izoqala.