IZOBE ITHE CHITHI SAKA IMICIMBI YOKUKHUMBULA USUKU LWABANTU ABASHA


Amaqembu epolitiki azobe egcwele yonke indawo, egubha usuku lwabantu abasha njengoba kuyinyanga yabo futhi kungu June 16. Kuzokhumbuleka ukuthi ngalolu suku abantu abasha bamasha eSoweto, belwisana nokusetshenziswa kolimu lwesibhunu njengolimu lokuxhumana. Baningi abantu abadlula emhlabeni bebulawa amaphoyisa obandlululo. Umcimbi obhekwe ngabomvu yilowo ozokuba sePotchepstroom, eNorth West okuzokhuluma kuwona iPhini likaMengameli, uPaul Mashatile. Kanti eminye imicimbi izokube imi kanje. EKing Zwelithini Stadium eMlazi, kuzokube kuhlangene i-EFF, inkulumo yosuku izokwethulwa uMholi waleli qembu uJulius Malema. EClermont kuzokube kuhlangene iMKParty, kanti inkulumo yosuku izokwethulwa uMengameli weqembu uJacob Zuma. Kulindeleke ukuthi kwethulwe ngokusemthethweni uphiko lwentsha. EMzumbe kuzohlangana intsha yeNFP, kulindeleke ukuthi uNksz Mbali Shinga ongumholi weqembu ethule inkulumo. EMangosuthu University of Technology kuzobe kubuthene intsha yeqembu le IFP, kulindeleke uMnuz Thamsanqa Ntuli ukuthi ethule inkulumo yosuku.