IZINYEMBEZI ZENJABULO EPHIWA UMUZI


LINDOKUHLE NGCOBO      

INJABULO umndeni wakwaMbatha onamalungu angu 9, ongenalo ilungu elisebenzayo uvulelwa indlu ayakhiwe uhulumeni endaweni yaseMganwini, eMdletsheni, enyakatho nesifundazwe iKwaZulu-Natal(KZN) namuhla.


Ekhuluma uNksz Bongekile Mbatha uthe uyabonga ngokuthola isipho angasoze wasikhohlwa empilweni yakhe indlu.

"Bengilala endlini evuzayo esengipheshe nangothayela. Ngiyabonga kakhulu kwabezindlu namakhosi. Bengihlezi ngithi awu engabe sona ngani lana eMganwini, akusekho noyedwa obanendlu kanti umunwe wasezulwini ozokhomba mina. Ngiyabonga kakhulu" kusho uNksz Mbatha.

Le ndlu ivulwe uNgqongqoshe wezeMidlalo ezobuCiko namaSiko eKZN uMnuz Mntomuhle Khawula obephelezelwa iNhloko woMnyango wezeMpilo esifundazweni uNkk Penelope Msimango neKhansela le ndawo.

Ekhuluma uKhawula uveze ukuthi kunezindlu ezingu 300 ezisakhiwa kule ndawo, phezu kwezinye ezingu 900 esezivele zakhiwe.

"Umyalezo wami oqinile uwodwa, thina esithunywe ukuthi simela abantu, asibamele ngeqiniso. Asibebaningi kubantu, bengasweli abantu, bangabi nezinkinga abangazi ukuthi bazozithulela kubani. Ngicela sisebenzele abantu ngokwethembeka," kusho uKhawula.