IZINKUMBI ZABANTU AYIYANGA KOHLANGABEZA IBAFANA BAFANA
IBafana Bafana ithelekile kuleli laseNingizimu Afrika. Besekujwayelekile ukuthi yamukelwe yizinkumbi zabantu uma ephuma emincintiswaneni yalolu hlobo. Kulokhu abantu bebengabonwa nangokhalo. Lokhu kudalwe ukuthi iBafana Bafana iphume kwiTop 16 kanti abanye bebezitshela ukuthi kungayiyona engase idle umhlanganiso kulomqhudelwano we Afcon, obanjelwe ezweni iMorroco. Ukukhishwa kweBafana Bafana iCameroon edume nge Indomitable Lions kubaphoxe kakhulu abantu baseMzansi. Abanye bagcine belahlekelwa ithemba lokuthi njengoba leli qembu lesizwe liyodlala kwindebe yomhlaba lizokwenza kahle nje, kwazise lalahla amathuba amaningi lidlala neCameroon.