IZINKUMBI KUGCAGCA IROYAL CHANCELLOR


Bekuphume nesinedolo kugcagcelwa iNkosi uMalusi Zondi, oyiRoyal Chancellor yesizwe samaZulu, izolo eMzimnyathi.

 Lomshado obewunezicukuthwane namalungu omphakathi bewubanjelwe enkundleni yezemidlalo kuWard 3 khona eMzinyathi, waphelela emagcekeni akwaZondi khona kulendawo.

UZondi nomaKhumalo ebesebethandane iminyaka engu 7 benze konke ngokohlelo lakwaShembe ngisho nefindo lomshado lihlanganiswe uMfundisi waleli bandla.

Lomshado ebekugingqwe izinkomo ezingu 50 kuwona bewuhanjelwe nawu Ngqongqoshe wakwaCogta uMfu Thulasizwe Buthelezi, uJeff Radebe, Lindiwe Zulu nabanye abaningi.
Kuphinde kwane-reception, ebeyiphethwe umsakazi woKhozi FM, uKhathide Ngobe.

Engxoxweni ebe nayo neNews Avenue, Inkosi uZondi ubonge kakhulu Isilo uMisuzulu kaZwelithini okunguyena owambeka njengeRoyal Chancellor, wabonga uNdunankulu kaZulu athe ubambisene kahle kakhulu naye. "Ngiqala ngqa ukubona abantu abangaka emagcekene akoZondi, ngifisa ukuzibongela kubona bonke abantu abaphumelelile," kubeka iRoyal Chancellor.