IYAQHUBEKA DEDELA AMABHOMU UMKHWANAZI KWIKHOMISHINI
SIZO BLOSE
ULT-General Nhlanhla Mkhwanazi ukhala kakhulu ngezigebengu abazibophayo
kodwa zidedelwe nge bail ekubeni zinamanye amacala.
UMkhwanazi wethula ubufakazi phambi kweKhomishana kaJudge Madlanga ePitoli. Lekhomishana yasungulwa umengameli ngemuva kwezikhalo ezavezwa uMkhwanazi esithangamini sabezindaba ngo July 6.
Uthe kubakhathaza kakhulu ukuthi amaphoyisa afike enze umsebenzi wawo wokubopha izigebengu kodwa izinkantolo zibakhiphe abenzi bobubi yize benamacala ngaphandle. Uthe kubuhlungu ukuzwa umuntu okhishwe yinkantolo sekutholakala ukuthi usenze elinye icala.
Uthe sekungcono manje ngoba sebenokusebenzisana okuhle neNPA.
Ikhomishini iyaqhubeka.