ISOBISHINI INDODANA KAMUGABE EBOSHWE EGOLI


USOLWA ngoxhaxha lwamacala awenze kuleli naseZimbabwe uBellarmine Chatunga Mugabe, oyindodana kalowo owayenguMengameli waseZimbabwe uMnuz Robert Mugabe.

Phakathi  kwamacala asolwa kuwo kubalwa awokuhlasela  ehlomile nokuba nezibhamu ezingekho emthethweni. Lokhu kuvele namuhla, ngemuva kokuboshelwa icala lokudubula umuntu osebenza engadini  eHyde Park, eGoli. Umgilwa uphuthunyiswe esibhedlela elimele kabucayi.

Amaphoyisa adalule ukuthi athole igobolondo lenhlamvu endaweni yesigameko kodwa awakasitholi isibhamu.

Indodana kaMugabe iboshwe nomunye umsolwa oneminyaka engu 24 ubudala.