ISIZOTHA ABAFUNDI BEKHUMBULA UMFUNDI OZIPHOSILE


Beyinesizotha inkonzo yesikhumbuzo kaSiphiwokuhle Madela. 

Kuzokhumbuleka ukuthi uSiphiwokuhle ubegumfundi waseDurban University Technology, ushone ngemuva kokuthi eziphosile ebhilidini elibizwa ngeS10 khona kulesi sikhungo. 

Abafundi bebephume ngobuningi ukuzokhumbula omunye wozakwabo. Kuze kube yimanje akukaqondakali ukuthi kungani lomfundi ethathe impilo yakhe ngalolu hlobo. 

Abanye abafundi abebemazi balitholile ithuba lokubhodla. 

Kwenzeka lokhu nje kuthiwa kunomunye umfundi otholwe efile ngaseNdumiso Campus kanti kade eseduke amasonto amabile engaziwa ukuthi ukephi.