ISIPHIHLI SENGOZI EWESTERN CAPE


LINDOKUHLE NGCOBO 

SEKWENZEKE ingozi enyantisa igazi emgwaqeni uR334 phakathi kweMotherwell ne-Uitenhage namuhla esifundazweni iWestern Cape. 

Le ngozi yenzeke ngesikhathi kushayisana kabi izimoto ezimbili. Kuvela ukuthi kukhona abashonile kodwa okwamanje asikaqinisekiswa isibalo sabo. 

Kunxuswa abashayeli bezithuthi ukuthi basebenzise eminye imizila njengoba lo mgwaqo uphazamisekile ngenxa yengozi.