ISILO SITHI SAFUNDISWA UKUTHI UBUKHOSI BUWUGCOBO
INGONYAMA yesizwe samaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini, iveze ukuthi kubengumsebenzi onzima nohambisana nezinselelo ezinkulu, ukuthatha isihlalo soBukhosi.
ISilo siveze lokhu ngesikhathi sethula inkulumo enkozweni yePhasika yebandla i-CFCI eliholwa u-Apostle Dkt Collins Dhlomo noProphet Nomusa Dhlomo, ebanjelwe e-Umfolozi TVET College, Esikhaleni Senkosi izolo.
"Mina ngafunda pheshaya(USA), eJacksonville University, abazali bami ngabalalela ngaphumelela ezintweni ngisenguMntwana. Kwabanzina kakhulu uma kufika into yoBukhosi ngoba ngakubuka njengokuhlupheka, ukuthi awu ngingathi nginezinto zami, uNkulunkulu engiphe konke okudingwa indoda. Ngazibuza ukuthi pho uBukhosi bungobani," kubeka iNgonyama.
Eqhuba uBayede uveze ukuthi walulekwa uMfundisi uNkosi, omfundise ngogcobo. Uthi lokhu kwamenza wasondelana kakhulu noNkulunkulu kanjalo nabaholi bezenkolo.
Kule nkonzo iNgonyama ifike noNdlunkulu ukaMawewe, waseMashobeni, Abantwana baseNdlunkulu naMakhosi aseNdlunkulu kuwo okubalwa, Inkosi uVukani Ntombela, Inkosi yesizwe sakwaMkhwanazi eDlangezwa neNkosi uDube.