ISILO SITHI AYIYEKELWE KUSONA EYABOKUFIKA
Lindokuhle Ngcobo
INGONYAMA yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini ithi, amaphaphu phansi ngodaba lwabokufika, abakuleli ngokungekho emthethweni.
Lokhu kuvezwe uMntwana Thulani Zulu waseZibindini okhulumela iSilo neNdlunkulu.
Ethula inkulumo eqoshiwe namuhla uMntwana Thulani uthe, iNgonyama isikuzwile ukukhala kwesizwe samaZulu ngodaba lwabokufika kuleli. Wathi iSilo sibambisene noHulumeni ukulungisa lolu daba.
"Ukhona umthetho ochaza ukuthi abantu bangaphandle, uma beza kuleli imiphi imiqathango okumele bayilandele, indlela yokuziphatha nokuphilisana nabantu bakuleli. Asikuboni kwenzeka lokho, sesizwe izinkulumo ezivusa uhlevane, ezenza ukuthi abantu bathukuthele. Ithi Ingonyama yeSizwe samaZulu amaphaphu phansi Zulu. Iyalusebenza lolu daba," kuchaza uMntwanaThulani.
Ephetha udalule ukuthi iSilo sizokhuluma ngalolu daba eMkhosini waseSandlwana ngoLwesine mhlaka 22 January.
Izikhalo zabantu bakwaZulu-Natal zivele ngaphansi kwevidiyo ebifakwe ekhasini leSilo. Kule vidiyo bekuvela Amabutho eSilo nombhalo othi, "Amabutho zinkalo zonke amabombo azobe ebheke eSandlwane ngomhlaka 22 kuMasingane lapho iSilo siyokwethula inkulumo ebhekiswe esizweni,"
Siphawula ngaphansi kwale vidiyo isizwe samaZulu, sinxuse iSilo ukuba siphefumulo ngodaba lwabokufika. Abanye balibeke ngembaba elokuthi amabutho awahlangane kuyiwe endaweni yasePoint, eThekwini kuyolwisana nabokufika.
Ohola inhlangano iMarch and March elwisana nabokufika kuleli uNkk Jacinta Ngobese Zuma ungomunye wabaphawulile kule vidiyo.
"Sicela usuku lokuya ePoint, sikhathele bakithi, nakhu sizohanjelwa izwe sibhekile," kubhala uNgobese-Zuma.