ISILO SINXUSA ABANTU UKUTHI BAKHOLWE


INGONYAMA yamaZulu iSilo uMisuzulu kaZwelithini sikhuthaza isizwe samaZulu ukuthi sikholwe. 

ISilo siveze lokhu ngesikhathi sethula inkulumo yaso esigodlweni eMashobeni, oPhongolo izolo. Lapho uNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya KwaZulu-Natal(KZN) uNkk uThembeni kaMadlopha Mthethwa ubezokotha iNgonyama. 

"Angisho ukuthi ngizoshumayela kodwa ngithi angikudlulise lokhu. Ngihlezi ngikusho, ngithi kholwani. Mina ngathi uma ngithathe lesi sihlalo, bengiphila impilo yomjitha, ngiziphuzela ngenza konke lokhu.

"Ngithe uma ngithatha isihlalo, kwathiwa ususendaweni engcwele kufanele ushintshe indlela owenza ngayo. Kwababuhlungu ngoba kwase kumele ngilahle amabhodlela ami," kubeka iNgonyama.