ISILO SIKHATHAZEKILE NGOKUNCIPHA KWEMISHADO
LINDOKUHLE NGCOBO
UKUNCIPHA kwemishado ezweni kushiya imibuzo kwiSilo samabandla onke Ingonyama uMisuzulu kaZwelithini.
ISilo siveze lokhu ngesikhathi sesivalelisa izintombi eseziyogana eMkhosini woMhlanga esigodlweni eMashobeni, oPhongolo izolo.
"Ngiyazi zinsizwa akulula ukuthi nithathe amakhosikazi. Kudinga ngempela ubeyindoda uqine udonse amasokisi. Manje angazi Butho likaMageba ukuthi zinsizwa zakithi ngoba izintombi zingaka kuzowathini. Komele ukuthi sikuhlalele phansi lokhu Makhosi aseNdlunkulu sikucubungule.
"Naba odadewethu begugela endlini. Angisakhulumeli laba balapha ekhaya. Yonke imizi kaZulu siyakhala asibambisane, uma mhlawumbe kukhona lapho okumee kugxegiswe khona. Buka kumele ngabe kuhlezi izintombi ezingu-1000 lapha, awubheke ukuthi bancane kangakanani," kubeka iSilo.
Kuzo ezokugana okhulumela iNdlunkulu uMntwana uThulani Zulu waseZibindini uveze ukuthi beyiNdlunkulu bayawuchitha umthetho wokuthi amadoda asevumelekile ukuthatha izibongo zamakhosikazi.
"Kusho ukuthi uma ufika ngane yami uthi umyeni wakho akube uMdluli. Siyagangelwa thina maZulu bese kuqhoshwa ngokuthi othandayo uyokwenza. Kufakwelani?, yonke into kumele iqale ngathi ngoba siyabulawa. Ayikho lento kwaZulu ngeke siyivumi," kubeka uMntwana uThulani.
Lo Mkhosi obuhanjelwe izintombi ezingaphezulu kuka-40 000 ubuhlelwe iNdlunkulu kaZulu ngokubambisana noMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula.