ISILO SICACISA NGOKUGANWA UMAMYENI
INGONYAMA yesizwe samaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini, ithi ilandele inhliziyo yaso ngokuganwa uNdlunkulu uNomzamo MaMyeni Zulu.
ISilo siveze lokhu ngesikhathi sibopha ifindo likasofasilahlane noMaMyeni esigodlweni kwaKhangelamankengane, KwaNongoma ngeSonto.
"Ngiyazi ukukhuluma kube kuningi lapha emafonini. Awu uMaMyeni unezingane, unalokhu, nalokhu. Umuntu uma usumthandile, umthandile. Mina ngizolandela eyami inhliziyo," kubeka iNgonyama.
Lokhu kuza mgemuva kokuthi ezinkundleni zokuxhumana, abaningi bebethi iSilo kumele sithathe itshitshi. Nakuba kunjalo iNgonyama ikhethe ukufolosa ngoMaMyeni.
INdlulamithi iphinde yabalisa ngokungafiki kwaBantwana bakwabo emgcagcweni.
"Silapha boNdaba asiphelele siwumndeni. Kukhona abantwana abangekho, engizalwa nabo esiswini, kubuhlungu. Kunesisho sabelungu esithi asibahlukanise phakathi, ukuze bezoba buthaka," kubeka iSilo.
Iqhuba iNgonyama ithe, ithemba ukuthi lo mshado waso noNdlunkulu uzobumba iNdlulunkulu kaZulu.
Umgcagco ubuhanjelwe abaholi bezombusazwe okubalwa kubo uMengameli we-EFF uMnuz Julius Malema, uNgqongqoshe weHhovisi likaMengameli uNkk Sindisiwe Chikunga, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi noNdunankulu waseGauteng uMnuz Panyaza Lesufi nabanye.