ISILO SESILULE ISANDLA SOKUBUYISANA ENDLUNKULU
LINDOKUHLE NGCOBO
ISILO samaBandla onke iNgonyama uMisuzulu kaZwelithini sesiqalile ukwenza izinhlelo zokubuyisana nokwakha ubumbano kumalungu aseNdlunkulu neSizwe.
Kulandela ukuthi iSilo sikhiphe isimemo, lapho sibiza khona zonke izinhlaka zoBukhosi ukuba ziphelele ngothi lwazo esibayeni esikhulu esiGodlweni eMashobeni, oPhongolo, mhlaka 29 October 2025.
Phakathi kwezinhlaka ezimenywa iNgonyama Amakhanda eziNdlu zoBukhosi BukaZulu, iziGodlo zeNgonyama, Abantwana baseNdlunkulu neNdlunkulu, Amakhosi aseNdlunkulu, abadidiyeli nezinduna namabutho kaZulu.
Okhulumela iSilo neNdlunkulu uMntwana uThulani Zulu uthi inhloso yalo mhlangano, ukubikela isizwe ngempumelelo emumva kohambo olude lokubonisana ngeSihlalo sobuKhosi bukaZulu.
"Ukwelula isandla soxolo nokubuyisana phakathi kweNdlunkulu kaZulu neSizwe. Ukukhulekela ubumbano kuziNyandezulu ezingabanikazi besiHlalo nokuhlahla indlela ebheke phambili ukusukela esikhathini samanje," kuchaza uMntwana uThulani esitatimendeni esiphume namuhla.