ISILO SELULE ISANDLA NGEMUVA KWESINQUMO SENKANTOLO
LINDOKUHLE NGCOBO
SEKUVELE ukuthi Ingonyama yeSizwe samaZulu uMisuzulu kaZwelithini, yelula isandla kuwo wonke amalungu aseNdlunkulu egameni loxolo nokubuyisana. Kulandela isinqumo seNkantolo ephakeme yasePitoli esivuna uMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa.
Lesi sinqumo senkantolo sithi, uRamaphosa walandela imigudu efanele ngesikhathi ekhipha isitifiketi sokubusa isizwe samaZulu wasinikeza iSilo esibusayo. Lokhu kusho ukuthi inkantolo ichithe uMntwana uMbonisi KaBhekuzulu noMntwana uSimakade kaZwelithini.
Okhulumela iSilo neNdlunkulu uMntwana uThulani Zulu uthi lesi akusona isikhathi sokubhiyoza noma sokwehlukana kodwa esokuthi kubekwe phambili ukubuyisana ukuthandana kusetshenzelwe ubuKhosi nesizwe.
"Ngaphansi koholo lweSilo saMabandla onke iNdlunkulu kaZulu noMkhandlu izoqhubeka ngokusebenza
ngokuthembeka, ukuqinisa ubukhosi, ithuthukise ubuholi beNdabuko nesizwe sonke sikaMthaniya kanjalo igcine amasiko nefagugu likaZulu," kuchaza uMntwana uThulani.