ISILILO KUSHONA UMSAKAZI


SIZWE BLOSE 

Angena engenile amazwi enduduzo emsakazweni womphakathi iNanda FM. Lokhu kulandela ukwedlula emhlabeni kuka Futhi Hadebe obedume ngelikaNdoni, ubenza uhlelo olungena ngo 12 kuya ku 15.00 ntambama, nsukuzonke.

Undoni wazakhela olukhulu udumo ngesikhathi eshayela uhlelo olwalungena ekuseni ngo 4 kuya ku-6 ekuseni kwiVuma FM.

Ubephinde azakhele udumo ngokucula, ubenezwi elipholile, ecula nanoma ngabe ubesakaza. Mayelana nenkonzo yesikhumbuzo noma ukumfihla bekungakokwaziwa kodwa iNews Avenue  izoqhubeka bike ngalolu daba.