ISILILO KUDLULA EMHLABENI INTATHELI ESEYIMNKANTSHUBOMVU
SIZO BLOSE
Isililo endimeni yezokucoshelwa kwezindaba, kudlula emhlabeni intatheli eseyimkantshubomvu, uTshidi Madia (42).
UMadia ubeyi Associate Politics Editor e-EWS.
Udlule emhlabeni namhlanje ekuseni kwesinye sezibhedlela eGoli, ngemuva kokugula isikhashana.
Uke wazakhela olukhulu udumo enengxoxo nesinye seziteshi zethelevishini eMelika, esitshela ukuthi labantu abazibiza ngabalimi, ababona abalimi kodwa abantu abazithathela amashansi, empeleni osomathuba. Wabuza intatheli ukuthi u-Elon Musk wagcina nini eNingizimu Afrika.
Ubedume kakhulu ngokuzihlekela, elungile ikakhulu kulabo ebebemjwayele. Mayelana namalungiselelo omngcwabo, kusalindwe umndeni ukuthi umemezele.