ISHIYE KUKHALWA INGOZI KU N1


Usavaliwe umgwaqo omkhulu u-N1 ohlangothini lwase-Western Cape,  phakathi kwendawo yase-Laingsburg ne-Beautfort West. Lokhu kulandela ingozi edlule nemiphefumulo yabantu abangu-21. Le ngozi embandakanya amatekisi amabili nemoto encane, yenzeke izolo ngeSonto ebusuku endaweni ephakathi kwe-Prince Albert neLeeu-Gamka.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha eWestern Cape uMuneera Allie uqinisekisile ukuthi abantu abangu-18 bashonele khona lapho endaweni yesigameko, kanti abanye abathathu abalimele kabi badlule emhlabeni sebesesibhedlela.

Abasizi bezimo eziphuthumayo, amaphoyisa nethimba lezomgwaqo basekhona endaweni yesigameko, lapho kusaqhubeka khona nokuhlanzwa komgwaqo kanye nophenyo.