ISEXWAYISO SOMLILO WEQUBULA KWAZULU-NATAL


LINDOKUHLE NGCOBO 

KUXWAYISWA umphakathi waKwaZulu-Natal(KZN) ukuthi uqaphele umlilo weqebulo.

Lokhu  kulandela ukuqubuka komlilo wequbulo oPhongolo izolo. Lo mlilo uholele ekutheni kulimale kabi umuntu oyedwa, ohlengwe ngabezimo eziphuthumayo ebebehamba ngendiza enophephela emhlane.

UNgqongqoshe wezokuBusa nokubaMbisana neziNdaba zoMdabu eKZN, uMfu Thulasizwe Buthelezi ucela umphakathi ukuthi uqhubeke nokuqaphs isimo somlilo. 

"Isimo somoya owomile onamandla, kulindeleke ukuthi siqhubeke. Ubungozi bomlilo weqebulo kusephezulu kakhulu, isifundazwe saKwaZulu-Natal sonke," kubeka uMfu Buthelezi esitatimendeni. 

Eqhuba uncome abezimo eziphuthumayo ngokubambisana nezakhamizi ngokuhlenga impilo yolimele. Wafisela olimele ukululama okusheshayo.