ISEXWAYISO EMPHAKATHINI KUSHONA ABABILI
LINDOKUHLE NGCOBO
UMKHANDLU weTheku unxusa umphakathi ukuba uyeke ukuntshontsha noma ukucekela phansi ingqalasizinda. Kulandela ukutholakala kwezidumbu ezimbili esiteshini sikagesi eSiphingo, eningizimu yeTheku izolo.
Kusolakala ukuthi laba abashonile bebezama ukuntshontsha noma ukucekela phansi ugesi. Kuvela ukuthi bebe bane ngesikhathi begasele indawo kagesi ngokungekho emthethweni, ngeshwa kube sekuqhuma umlilo kwalimala ababili abashonile.
Obambe njengoMqondisi woMnyango wezamandla eThekwini uMnuz Philani Shange uthe lesi sigameko siyisikhumbuzo sokuthi isiteshi sagesi siyingozi uma uzama ukusondela kuso ngokungekho emthethweni.
"Lesi senzo asigcini ngokuphazamisa ukusebenza kukagesi emphakathini kodwa siyingozi nasezimpilweni zalabo abasuke benza okubi," kubeka uShange.