ISEKUDE UKUPHELA IMPI EPHAKATHI KWENDLULAMITHI NOZONDA AMAGWALA
SIZO BLOSE
Umntwana uThokozani Zulu okhulumela uMntwana uSimakade KaZwelithini, uZonda Amagwala uphumele obala esithangamini sabezindaba ukuthi, bona abahambisani nesinqumo senkantolo esivune iNkosi uMisuzulu kaZwelithini njengofanele ukuba sesihlalweni. UMtwana uThokozani usamile ekutheni iNkosi yesizwe samaZulu, kumele kube uZonda Amagwala hhayi Indlulamithi njengoba kushiwo.
Uthe siyiphutha elikhulu isinqumo senkantolp, ube eseveza ukuthi bazosidlulisa lesi sinqumo kumbe bazosiphosela inselelo.
Ube eseveza izinto azichaze njengezihlukumeza uMntwana uSimakade, uZonda Amagwala, uqale ngokuveza udaba lwalabo abakulelizwe ngokungemthetho. "UZonda Amagwala simhlukumeza kakhulu isimo sokuthathwa kwemisebenzi ngabokufika kuleli. Nathe abanye akukho okusha abeza nakho kodwa bathatha imisebenzi okumele yenziwe abantu bakuleli. Uphinde wakhala kakhulu ngemiphefumulo edlule nabantu abangu 42 beya eMalawi nase Harare, eZimbabwe," kuchaza uMntwana uThulani.
Uthe bayayizwa nje Indlulamithi ithi akubuyiswane kodwa bayizwela kude. Uphinde waveza ukuthi Indlulamithi ile eDubai ukuyosayinda izivumelwano ezithize ezingaziwa. Wathi kuyabakhathaza kakhulu lokhu.