ISAZOQHUBEKA NOKUMASHA I-MARCH AND MARCH


UMHOLI weMarch and March uNkk Jacinta Ngobese-Zuma udalule ukuthi ngeke ayeke ama-mashi alwisana nokufika kwabantu bokufika okungekho emthethweni, noma ngabe zikhona izinhlelo zokubambisana nohulumeni waKwaZulu-Natal (KZN).

Ekhuluma esithangamini sabezindaba eThe Marine Buildings, eThekwini, izolo, uNgobese-Zuma utshele uNdunankulu waseKZN, uMnu Thamsanqa Ntuli, kwezikabhoqo ukuthi inkinga enkulu kuleli ibangelwa osomabhizinisi abangosopolitiki, abangayibhekisisi indaba yobantu bokufika okungekho emthethweni.

"Siyazihlonipha izinhlelo zikahulumeni kodwa ama-mashi ethu azoqhubeka njengokujwayelekile. Asikwazi ukuyeka ukulwela izwe lethu," kusho uNgobese-Zuma.

Lesi sithangami, ebesihanjelwe uKhomishana wamaphoyisa eKZN, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokubaMbisana neziNdaba zoMdabu eKZN uMfu Thulasizwe Buthelezi noMnuz Nkosikhona "Phakel'umthakathi" Ndabandaba, sibheke izindlela zokubhekana nodaba lwabantu bokufika okungekho emthethweni, oludale izikhalazo eziningi emphakathini. Kubonakala sengathi ukuqhubeka kwale mashi kuzoqinisa ingcindezi kuhulumeni, ukuthi athathe izinyathelo eziqinile kulolu daba.