ISAVALIWE I-MOSES MABHIDA STADIUM


ABAPHATHI benkundla yaseThekwini, iMoses Mabhida Stadium sebememezele ngokusemthethweni ngohlelo lokuvalwa okwesikhashana kwale nkundla.

 Ngokwesimemezelo le nkundla ivalwe ngomhlaka 30 March 2026, kulindeleke ukuthi ivulwe ngomhlaka 30 April 2026. Lokhu kungenxa yohlelo lokulungiswa kabusha indawo okudlalwa kuyo ibhola, ukuze ibuyele esimeni esifanele ngaphambi kwemidlalo ezoba ngoMay.

"Nakuba inkundla isavaliwe kodwa izoqhubeka nokusebenza ngendlela ejwayelekile kwezinye izinto. Kusaqhubeka ngendlela ejwayelekile ukusebenza kwezitolo, izindawo zokuvakasha namahhovisi," ngokusho kwesimemezelo.

Abaphathi benkundla babonge umphakathi ngokuqonda isimo ngesikhathi sokuvalwa kwenkundla.

Ukuvalwa kweMoses Mabhida Stadium kuphoqe AmaZulu FC asebenzisa le nkundla emdlalweni yasekhaya, ukuthi adlale  umdlalo weBetway Premiership neSukhukhune United ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu ngoMsombuluko.

USuthu luzophinde ludlale umdlalo walo wasekhaya neLamontville Golden Arrows FC eHollywoodbets  Kings Park Stadium,  ngomhlaka 6 May.  IMoses Mabhida Stadium isingathe umdlalo wokuqala ngemuva kokulungiswa kabusha ngomhlaka 16 May, lapho iKaizer Chiefs izovakashela AmaZulu emdlalweniweBetway Premiership.