ISAPAKISIWE INDIZA YAMA PALESTINE E-OR


Asephenduke ondingasithebeni amaPalestine  atheleke kuleli namhlanje evela ezweni lawo. 

Ngokwemibiko, kuthiwa lama Palestine angu 160 into ebaxabanise nezikhulu zamabhanoyi ukuthi e-OR International Airport kube amaphepha okungena kulelizwe. 

Njengoba sibhala nje basesebhanoyini kusona lesi sikhumulo.
Umlisa ogcine engenile kulendiza abahamba ngayo uthi into eyenza isimo sibenzima kakhulu ukushisa, futhi bahamba nezingane ezincane nokumele zishintshe amanabukeni. Kuphinde kuvele ukuthi babonelelwe ngeNandos engu 200 ukuze bathibe indlala.

Lendiza kuthiwa njengoba ifika lapha nje beyisuka Nairobi, eKenya  ngoba sekukhalwa nangopetrol wendiza ukuthi uyaphela.

Kuyaziwa ukuthi sibi isimo ezweni lalamaPalestine njengoba besempini nezwe lakwa Israel.

Kuthiwa abanye amaVisa abo abakhomba e-Australia, abanye eCanada kodwa kubukeka sengathi lapho abazama  ukungena khona bayachithwa.