ISACP IZOKHUMBULA UJOE SLOVO NGEMUVA KWEMINYSKA ENGU 31 ASHONA


Namhlanje uNobhala Jikelele weSacp, uSolly Mapaile  kulindeleke ukuthi ahole inkonzo yesikhumbuzo yalowo owayenguNobhala Jikelele wamaKhomanisi, eGauteng.

Kuphela iminyaka engu 31, uJoe Slovo adlula emhlabeni. Lomholi owayemhlophe wayengalufuni nalapho luhambe khona ubandlululo. Kanti nonkosikazi wakhe wabulawa kabuhlungu uhulumeni wobandlululo.

Lesi sikhumbuzo sika Slovo senzeka nje umbhimbhi lwe lwe-ANC, Sacp neCosatu lubhekene nezinkinga.

UMapaile kulindeleke ukuthi abuthinte ubudlelwano bombhimbhi. Uzophinde acacise ngokungenela ukhetho ngokuzimela, kwazise kunamalungu eSacp angongqongqoshe abamele i-ANC bengamalungu eSacp ukuthi kuzokwenzakalani ngabo. Kuningi okuzomele kucaciswe yilo mholi. Amanye amalungu eSacp ikakhulu KwaZulu-Natal awahambisani nokungenela ukhetho ngokuzimela kwe Sacp.