ISACP ITHI AYIQONDILE UKUPHAZAMISA I-ANC NGOKHETHO
UNobhala Jikelele weCommunist Party, uSolly Mapaile, ukhwele wadilika kwabezindaba ngaphambi kokuthi athule inkulumo yosuku, lenhlangano igubha iminyaka engu 104, eMpangeni izolo.
UMapaile uqale ngokuthi kuyammangaza ukuthi abezindaba baphume ngobuningi kangaka ukuzobika ngomcimbi wabo.
"Sihlezi sihambela izindawo eziningi, bengafiki, baqhamukaphi abangaka, kukhona nabethelevishini," kusho uMapaile
Uthe bona besebengenandaba nabo ngoba kucaca ukuthi bona babheke izindaba ezimbi abazifuni ezinhle.
Engena enkulumweni yakhe, uphinde wakuveza ukuthi iSacp izolungenela ngokuzimela ukhetho loHulumeni baseKhaya ngo 2026.
"Asihlosile ukuphazamisa i-ANC, esidlelana nayo kodwa sithathe isinqumo sokuthi silungenele lolu khetho,"kusho uMapaile.
UMapaile uphinde wamncoma kakhulu uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, wathi bravo kuyena, waveza ukuthi uMkhwanazi wenze into engabe kudala yenzeka.