IQALE NGEGIYA ELIPHEZULU ITHABO THALENTE GAMES


 SABELO MASUKU

ISITHOMBE: SABELO MASUKU

UPHUME ngobuningi bawo umphakathi waKwamashu uzothamela umqhudelwano webhola obizwa ngeThabo Thalente Games obanjwa minyaka yonke kulo leli lokishi. Lo mqhudelwano uhlelwa abadlali bamaqembu ebhola elikhokhelayo futhi aphinde abe izimbangi okwi Orlando Pirates FC neKaizer Chiefs FC

Lemidlalo iqale namhlanje lapho kuqale umdlalo obuphakathi kwe Holland FC kanye ne Lale FC ogcine unqotshwe iHolland FC ngegoli elilodwa eqandeni. Lomqhudelwano uzodlalwa kuze kuyoba uLwesibili ngosuku Lwentsha enkundleni iPrincess Magogo Stadium khona Kwamashu.