IPIRATES IZOLAHLEKELWA ISIHLABANE SOMDLALI
I-Orlando Pirates FC isiphumela obala yaqinisekise ngokusemthethweni ukuthi isivumelwano neRoyale Union Saint-Gilloise yaseBelgium ngokudayiselana uRelebohile Mofokeng.
Esitatimendeni esikhishwe Amabhakabhaka namuhla, kuvela ukuthi omabili amaqembu ayavumelana ngemali yokudayiselana uMofokeng.
"Ukudayiselana kuzoqedwa kuphela uma uMofokeng ephumelele ekuhlolweni kwezempilo, bese esayina imibandela yakhe nekilabhu edlala kwiBelgian Pro League," ngokusho kwesitatimendi sePirates.
Amabhakabhaka aveze ukuthi isivumelwano sokuqala senzeke ngaphambi kokuqala kwemidlalo yeNdebe yoMhlaba ye-FIFA. Nokho amakilabhu omabili athathe isinqumo sokuyifihla le ndaba kuze kuphele kuze kube iBafana Bafana iyaphuma kulo mqhudelwano, ukuze uMofokeng angaphazanyiswa.
I-Pirates ithe akukho okunye esazokukhuluma kuze kuqedwe konke phakathi komdlali ne-Union SG.