IPIRATES IDLALE IBHOLA ELISEQOPHELWENI ELIPHEZULU KODWA KWALA KHONA
SIZO BLOSE
I-Orlando Pirates idlale ibhola eliseqophelweni eliphezulu kakhulu itholene ne St Eloi Lupopo yase Congo.
Kuzokhumbuleka ukuthi iLupopo yawina ngo 3-0 ngesikhathi iPirates ivakashele eCongo.
Lokhu kuchaza ukuthi iPirates bekumele ishaye amagoli angu 4 ukuze inqobe lomdlalo. IBhakabhaka lenze konke, lashaya amagoli amathathu, kwagcina kungu 3-3 uma sibuyisa amagoli amathathu iLupopo eyanqoba ngawo iPirates (Aggregate score). Kuphoqeleke ukuthi kuyiwe kuma penalty. Ligcine lugobile uphondo kwezimnyama ngemuva kokuthi kushaywe amapenalty, umdlalo waphela ngo5-4.