IPHOYISA ELIFUNDE LAGOGODA

LINDOKUHLE NGCOBO 

UConstable (Dr) Lindokuhle Ngcobo (30) odabuka eNkandla, akusilona iphoyisa elivamile. Uneziqu zobudokotela (PhD), usebenza eHillbrow Ophikweni Lwezokuvimbela Ubugebengu.

UDkt Ngcobo uthole iPhD yakhe kwi-Policy and Development Studies ngonyaka ka-2025 eNyuvesi yaKwaZulu-Natal. Ucwaningo lukaNgcobo lugxile kwabesifazane abakhubazekile ngesikhathi se-Covid-19. UNgcobo wayengumcwaningi eMnyangweni Wezokuphepha Komphakathi ngaphambi kokujoyina umbutho wamaPhoyisa ngonyaka ka-2022 nge-Project 10 000.

“Ngifuna ukuba phakathi kwezinkinga zangempela udlame lobulili, ukucwaswa kwabakhubazekile nobugebengu bentsha. Umbutho wamaPhoyisa yinkundla yokulwa nakho ngqo," kusho uNgcobo.

Eqhuba udalule ukuthi igebe elikhulu emaphoyiseni wukuntuleka kobuchwepheshe nocwaningo. Wathi intsha ingaletha izixazululo zedijithali, idatha, nezindlela ezintsha zokuxhumana nomphakathi.

"Asidingi izibhamu kuphela, sidinga nobuchule. Umbutho wamaPhoyisa akuwona umsebenzi nje. Yithuba lokukhula, lokuhola, nelokushintsha izimpilo. Ngithole iPhD ngaphambi kokuhlanganisa iminyaka engu-30 ubudala ngingaphakathi embuthweni. UConstable (Dr) Lindokuhle Ngcobo (30) odabuka kwaNkandla, akusilona iphoyisa elivamile. Uneziqu zobudokotela (PhD), usebenza eHillbrow Ophikweni Lwezokuvimbela Ubugebengu.

UDkt Ngcobo uthole iPhD yakhe kwi-Policy and Development Studies ngonyaka ka-2025 eNyuvesi yaKwaZulu-Natal. Ucwaningo lukaNgcobo lugxile kwabesifazane abakhubazekile ngesikhathi se-Covid-19. UNgcobo wayengumcwaningi eMnyangweni Wezokuphepha Komphakathi ngaphambi kokujoyina umbutho wamaPhoyisa ngonyaka ka-2022 nge-Project 10 000.

“Ngifuna ukuba phakathi kwezinkinga zangempela udlame lobulili, ukucwaswa kwabakhubazekile nobugebengu bentsha. Umbutho wamaPhoyisa yinkundla yokulwa nakho ngqo," kusho uNgcobo.

Eqhuba udalule ukuthi igebe elikhulu emaphoyiseni wukuntuleka kobuchwepheshe nocwaningo. Wathi intsha ingaletha izixazululo zedijithali, idatha, nezindlela ezintsha zokuxhumana nomphakathi.

"Asidingi izibhamu kuphela, sidinga nobuchule. Umbutho wamaPhoyisa akuwona umsebenzi nje. Yithuba lokukhula, lokuhola, nelokushintsha izimpilo. Ngithole iPhD ngaphambi kokuhlanganisa iminyaka engu-30 ubudala ngingaphakathi embuthweni. Nawe ungakwenza.” kubeka uNgcobo.
 ungakwenza.” kubeka uNgcobo.