IPHINI LIKANGQONGQOSHE LICHITHA EYOKUQASHWA KWABOKUFIKA KULELI


LINDOKUHLE NGCOBO 

LICHITHA eyokuqashwa kwabantu bokufika, abakuleli ngokungekho emthethweni iPhini likaNgqongqoshe wezeMisebenzi nabaSebenzi kuleli, uMnuz Jomo Ntuthuko Sibiya.

USibiya uveze lokhu emcimbini weNkungumathe NPO, eNkungumathe, eNkandla ngoLwesihlanu. 

"Kuyiqiniso ukuthi kunezinkampani eziqashe abantu bokufika abakuleli ngokungekho emthethweni.  Siwuhulumeni asihambisani nalokho, kuyimanje simatasa senza izinhlelo zokuthi kube nemisebenzi eyakhelwe abantu bakuleli kuphela," kuchaza uSibiya.

Uqhubekile wakhuthaza umphakathi ukuthi usukume uzibambele, ungabheki ukusizwa uhulumeni ngaso sonke isikhathi.