IPHINI LIKANGQONGQOSHE EMKHANKASWENI WOKUXOSHA ABOKUFIKA


LINDOKUHLE NGCOBO 

Kuboshwe abantu bokufika abayisikhombisa eCity Medical, entshonalanga yePitoli namhlanje.

Lokhu kulandela umkhankaso oholwa yiPhini likaNgqongqoshe Wezokuqashwa Nezemisebenzi kuzwelonke uMnuz Jomo Sibiya. Umkhankaso ubandakanya abahloli boMnyango Wezokuqashwa Nezemisebenzi, aboMnyango Wezasekhaya, amaGauteng Crime Wardens, i-SAPS ne-Tshwane Metro Police.

Inkampani iCity Medical isolwa ngokuba iqashe ‘ibutho’ labokufika abangenazo izimvumo zokuba kuleli nokuphula imithetho yezabasebenzi. Phakathi kwababoshiwe kukhona nabaphathi benkampani. Bonke bayiswe esiteshini samaPhoyisa ukuze kuqinisekiswe imininingwane yabo.

USibiya uthe lo mkhankaso usaqhubeka futhi uhlose ukuhlola ukuthobela imithetho yezabasebenzi, imithetho yezokufika, nemithetho kaMasipala.

“Uhulumeni ngeke akubekezelele ukuxhashazwa kwabasebenzi. Izinkampani kumele ziqashe ngokomthetho,” kusho uSibiya.