IPHINI LEMEYA LILAXAZE I-NFP LASUNGULA IQEMBU ELISHA
Iphini leMeya yeTheku, uZandile Myeni ulaxaze iNFP wasungula iqembu lakhe lepolitiki. UMyeni osehlale isikhathi eside njengephini lemeya usungule iqembu lakhe alibiza ngeNational People's Ambassadors.
Leli qembu ulethule namhlanje esithangamini sabezindaba esibanjelwe eSouth Beach, Garden Court, eThekwini.
Uthe abangabhekwa njengabantu abasha asebevule iqembu ngoba kudala bekhona kwipolitiki.
"Izinkinga ezibhekene nabantu siyazazi, yingakho nodaba lwamanzi luhamba phambili ezintweni esizozishintsha," kuchaza uMyeni.
Uphinde waveza ukuthi bazokugwema ukuxabana kuleli qembu. Uthe inkinga iqala lapho abaholi sebefuna ukukhonzwa kunokuthi bahlonishwe.
Ube esethi akafuni ukukhuluma kakhulu ngoba angaze athinte amagama abanye abantu kumbe amaqembu.