INTOKAZI YASE MGUNGUNDLOVU IDLE UMHLANGANISO KOWE GAGASI FM


SIZO BLOSE 

Intokazi yaseMgungundlovu, uSthabile Mazubane (33) kube yiyona edle umhlanganiso emncintiswaneni obewuhlelwe yiGagasi FM obizwa ngeRising Star competition. 

Kuthe izolo ohlelweni lwantambama iHead of Audience Experience, u-Alex Mthiyane wamemezela uSthabile njengophumelele kulo mcintiswano.

Kulabo abebengenelile besekusele abahahlanu obesekumele kukhethwe kubona futhi kuvota umphakathi, kukhona namajaji.
USthabile uyena ozoshayela iGagasi FM Vodcast, Elavate ezoba khona kabili ngenyanga.

 Lentokazi ithe ihluleka nawukuzibamba yinjabulo. "Vele bengingumlandeli omkhulu weGagasi FM, ngizimisele ukukhula nalo,"kusho uSthabile.

Okhulumela lomsakazo uKhulekani Shandu, ubongele lentokazi, waphinde wayemukele emndenini weGagasi FM.