INKOSI IKHUTHAZE UKUGANWA


LINDOKUHLE NGCOBO 

IKHUTHAZA abantu besilisa ukuthi baganwe Inkosi uZakhe Mpungose yesizwe sakwaMpungose eNkandla.

UMpungose uveze lokhu ngesikhathi egcagcelwa uNdlunkulu Thabisile Mpungose endaweni yaseSigcalabeni, eNkandla izolo.

Inkosi ithi ukuganwa kubalulekile ngoba kuyisintu

"Kuyisintu ukuthi uma ungumfana, uzalwe ukhule, uganwe wakhe umuzi kababa wakho. Nentombazane kuyisintu ukuthi uma ikhula, ithole isoka elizoyilobola igcine ingumama womuzi," kubeka Inkosi Mpungose. 

Lo mshado ubuhanjelwe Amakhosi aseNdlunkulu, Amabutho, uNdunankulu waKwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Thamsanqa Ntuli, uNgqongqoshe wezokuBusa nokubaMbisana neziNdaba zoMdabu eKZN uMfu Thulasizwe Buthelezi noKhuzani Mpungose ongumculi kaMaskandi ozalwa kubo kweNkosi.

Kuphinde kwanandisa abaculi okubalwa kubo uNjoko, Falabo, Mabhilidi, Qwabe Twins noMkhulekelwa.