INKATHA IZIGWAZELE IBHECE EMZUMBE
Inkatha izigwazele ibhece okhethweni lokuchibiyela obelubanjwe eMzumbe izolo.
Njengoba kuza ukhetho loHulumeni baseKhaya, lezi zinketho zokuchibiyela ungathembela kuzona ekuboneni okungase kwenzeke kulolu khetho olubhekwe ngabovu.
Abaholi bamaqembu bebengena bephuma eMzumbe bezonxenxa abavoti. Ekugcineni abavoti bahambe ne-IFP.
Kwenzeka lokhu nje kunokukhala kumalungu eNkatha ukuthi leli qembu ligxile kakhulu ngaphesheya koThukela.
IMKP, beyibhekiwe nayo ukuthi yenze kangcono kodwa isasasa lango 2024 selithe ukwehla. Kungenzeka ukuthi lento yokuthi ifuna ukukhulula umuntu omnyama ayisebenzi, kumele beze nolunye uhlelo. Uzokhumbula ukuthi umholi wayo uke waliphatha izwe, kodwa namanje umuntu omnyama usacindezelekile.
I-ANC iyobona ngoba sekuvalwa ukuthi abantu bayaziqhelelanisa nayo. Ngokwayo iseyinhlangano ehola umphakathi, kodwa umphakathi uyaziqhelelanisa. Lokhu kuvezwa imiphumela yezinketho eziba khona.
I-NFP kuza ukhetho, kodwa ihluleka ukubeka ukungaboni ngaso linye kwayo eceleni, ibumbane. Ubani ongavotela iqembu elihlakazeke njengayo.