INKANTOLO ITHI AKABUYELE EMSEBENZINI OWE PIC
LINDOKUHLE NGCOBO
Inkantolo ePhakeme yaseGauteng, ePitoli ichithe ukumiswa emsebenzini kukaMnuz Patrick Dlamini, onguMphathi Omkhulu we-Public Investment Corporation (PIC). Inkantolo ithi isinqumo sokumiswa kukaDlamini asikho emthethweni.
Kulandela isinqumo sikaJaji uMandla Mbongwe asikhiphe namhlanje, esibuyisela uDlamini esikhundleni sakhe ngokushesha.
UMbongwe uveze ukuthi imithetho yangaphakathi ye-PIC, ithi ibhodi lingasungula umnyakazo wokumisa uMphathi, kodwa lowo mnyakazo kumele ugunyazwe uNgqongqoshe wezezimali kanye neKhabhinethi. Njengoba lokhu kungenzekanga, isinqumo sithathwe njenge-ultra vires, okusho ukuthi singaphezulu kwamandla ebhodi.
Ijaji liphinde laxwayisa ngokuthi ukungaboni ngaso linye nokushintshashintsha kwabaholi kulesi sikhungo esiphethe izimali zomhlalaphansi zabasebenzi bakahulumeni (GEPF) ezilinganiselwa ku-R3.7 trillion, kungalubeka engcupheni enkulu uzinzo lomnotho wezwe.
UDlamini, nguyena ofake lolu hlelo lokuphonsela inselelo ukumiswa kwakhe ngezinkantolo ezisheshayo.