INKANTOLO ISITHUMELE AMASAMANISI KUMASEMOLA


Inkanto isiyalele uKhomishana wamaphoyisa kuleli, uFannie  Masemola ukuthi avele enkantolo ngomhlaka 26 April 2026.

Lokhu kuhlangene nethenda kaR360 million eyayitholwe nguCat Matlala kodwa yaphinde yahoxiswa njengoba kwaphinde kwavela ukuthi kukhona okungahambanga kahle ngokukhishwa kwayo.

UMasemola kumele azochaza ngakwaziyo. Yize sekukhona abamgxekayo uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi kodwa lokhu kungezinye zezinto ezavela ngo July 06 esithangabini sabezindaba esasiseThekwini ekomkhulu lamaphoyisa.

Ngathi baningi okusamele bazoziphendulela, umehluko ngenkantolo ukuthi iyabopha akufani neKhomishini yona eyenza izincomo.